acci catorBY: THANDO MKHIZE

UNgqongqoshe wezokuthutha esifundazweni uBheki Ntuli uthi usashaqekile ngokwanda kwezigameko zezingozi zomgwaqo kulesifundazwe.

Lokhu kulandela ingozi yeloli, ebithwele imphahla esindayo eCato Rigde, ngase Mgungundlovu maphakathi nesifundazwe.

Lomnyango ukuqinisekisile ukuthi bangu 6 abashone kulengozi kanti abanye abangu 8 basalulama esibhedlela.

Ehambele abasinde kulengozi, esbhedlela iEdendale, eMgungundlovu, uNtuli uthi imbangela yalengozi isayindida, kodwa uzoqinisekisa ukuthi iyaphenywa.

Share this...Share on Facebook
Facebook
Tweet about this on Twitter
Twitter