Social Development MEC Nonhlanhla Khoza

Umnyango wezenhlalakahle esifundazweni usunxuse imiphakathi ukuthi iqinisekise ukuphepha kwezaguga.

Uphefumule kanje kulandela ukuhlaselwe kudlwengulwe ugogo oneminyaka engu 89 ubudala phambi komzukulu wakhe eMzimkhulu eningizimu nesifundazwe ngempelasonto.

Okhulumela umnyango uMhlaba Memela uthi ungqongqoshe uNonhlanhla Khoza simhlukumeze kakhulu lesigameko, wathi kuyihlazo ukuthi kusenabantu abahlukumeza abantu abangakwazi ukuzivikela.

UMemela uthi ungqongqoshe usejube ithimba losonhlalakahle ukuthi lihambele ekhaya likagogo liphinde leluleke ngokwenqondo umzukulu wakhe owahlukunyezwa ilesigameko.

Khonamanjalo Okhulumela inhlangano elwela amalungelo abesifazane nezingane iBobby Bear uJackie Bransfield uthi imiphakathi ayibambisane ivikele izaguga.

Share this...Share on Facebook
Facebook
Tweet about this on Twitter
Twitter