By: Noluthando Mchunu
Ungqongqoshe wezempilo uNomagugu Simelane Zulu uthi baningi abantu abazuzayo ngohlelo lomnyango olubizwa kokuthi i-#IsibhedlelaKubantu.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi lomnyango uyise loluhlelo endaweni yase-eMondlo eVryheid enyakatho nesifundazwe izolo.
Loluhlelo umnyango usuke uletha imitholampilo engomahamba nendlwana kubantu nokulapho bethola khona ithuba lokuthi behlolele izifo ezahlukahlukene kanti kubikwa ukuthi izolo kuphela abantu abangu 400 abathole usizo lwezempilo nganxa yaloluhlelo.
Simelane-Zulu uphinde wachazela umphakathi ngohlelo olukwazi ukulethela abantu imishanguzo ezindaweni eziseduze namakhaya abo.