Meya Gumede

By: Nomcebo Ndimande

Imeya yeTheku uZandile Gumede uthi ukuthola ikhefu eliyisipesheli kumunike isikhathi sokuthi aphumule.

Lokhu kuza emva kwesikhathi eside ethule, uGumede useze wakubona kufanele ukuba azwakalise uvo lakhe ngalolu daba.

UGumede uphinde wengezwe ngelinye ikhefu lezinzuku ezingu-30, emva kokuthi i-ANC kulesifundazwe ingasikhiphi isinqumo ngodaba lwake.

Kuzokhumbuleka ukuthi uGumede ubhekene namacala okukhwabanisa ohlelweni lokuthuthwa kukadoti kumasipala lwa R208 million wamarandi nokwaholela ekutheni akhalelwe ngamasongo kasigonyela, wabe esededelwa ngebheyili ka50 000 wamarandi.

UGumede uthi uselinde ukuzwa ebuholini bombutho we-ANC ngesinqumo abasithathile

UGumede uphinde waziphika izinsolo zokuthi unesandla ekusunguleni ithimba labantu abazomeseka kulesisikhathi.

Share this...Share on Facebook
Facebook
Tweet about this on Twitter
Twitter