police killingBY: THANDO MKHIZE

Amaphoyisa esifundazweni asewushayele ihlombe umkhankaso wokukhuculula ubugebengu njengoba kugcine kuboshwe abasolwa abangu 16.

Lokhu kuza njengoba abasolwa abangu 12 bezithole bekhalelwe ngamasongo kasigonyela emacaleni ahlukahlukene, okubalwa kuwo awokutholakala nezidakamizwa, eMgungundlovu, maphakathi nesifundazwe.

Ababili batholakale nezikhali eziyingozi kanti abanye ababili batholakale nempahla okusolakala ukuthi itshontshiwe.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthi bonke labasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduzane.

Share this...Share on Facebook
Facebook
Tweet about this on Twitter
Twitter